Ngicelwe ukuba ngikhulume ngokuthi “kungaliwa kanjani noMbuso?” Lo ngumbuzo onzulu, anginazo izimpendulo ezilula
ibhalwe ngu – Arundhati Roy yahunyushelwa esiZulwini ngu – Nontobeko Hlela
Uma sikhuluma ngokuphikisana no “Mbuso”, kudingeka sizibuze ukuthi “uMbuso” uchazani? Ngabe uchaza uhulumeni waseMelika (kanye namazwe ezwa yona ase-Europe), iBhange lomhlaba (World Bank), inhlangano yezizwe ebheka izindaba zezimali (International Monetary Fund), noma inhlangano yomhlaba ephathelene nezokuhweba na (World Trade Organization)? Noma mhlawumbe yinto engaphezulu kwalokhu.